Pular para o conteúdo
Publicidade

U-Eksodasi 2

5 Indodakazi kaFaro yehlela emfuleni ukuyageza, amantombazana ayikhangelayo ayehamba okhunjini lomfula. Yasisibona isitsha phakathi kwemihlanga yathuma incekukazi yayo ukuyasithatha. 6 Yasivula yambona umntwana. Wayekhala, yasimzwela usizi yathi, "Lo ngomunye wabantwana bamaHebheru."

7 Udadewabo wasesithi endodakazini kaFaro, "Ngingayakudingela omunye wabesifazane bamaHebheru ukuthi akondlele umntwana na?"

8 Yasisithi, "Yebo, hamba." Intombazana yasuka yayabiza unina womntwana. 9 Indodakazi kaFaro yathi kuye, "Mthathe lumntwana ungondlele yena, ngizakupha isondlo." Ngakho owesifazane wamthatha umntwana wamondla.

Veja também