15 UFaro wathi kuJosefa, "Ngiphuphe iphupho, kodwa kakho ongangichasisela lona. Kodwa ngizwa kuthiwa wena, nxa ungalizwa iphupho uyalichasisa."
16 UJosefa wamphendula uFaro wathi, "Ngeke ngikwenze, kodwa uNkulunkulu uzamnika uFaro impendulo ayidingayo."