Ukusiliswa Kwesiphofu EBhethisayida
22 Bafika eBhethisayida, abanye abantu baletha indoda eyayiyisiphofu bancenga uJesu ukuba ayibeke izandla. 23 Wasithatha isiphofu leso wasibamba ngesandla wasiholela ngaphandle komuzi. Esekhafulele emehlweni aso wasibeka izandla uJesu wabuza wathi, "Kukhona okubonayo na?"
24 Sathalaza sathi, "Ngibona abantu; bakhangeleka njengezihlahla ezihambahambayo."
25 UJesu waphinde wabeka izandla zakhe emehlweni ayo indoda leyo. Amehlo ayo avuleka, yabona kuhle, isibona zonke izinto kakuhle. 26 UJesu wayibuyisela ekhaya layo wathi, "Ungayi edolobheni ukuyakhuluma ngale indaba."