Pular para o conteúdo
Publicidade

Marcos 9

17 Kwaphendula indoda ethile exukwini yathi, "Mfundisi, ngikulethele indodana yami ilomoya oyenza ibe yisimungulu. 18 Uthi ungayibamba uyilahlele phansi. Isuka ibhubhudle amagwebu, igedle amazinyo, yome qha umzimba. Ngibacelile abafundi bakho ukuthi bawukhuphe umoya, kodwa behluleka."

19 UJesu waphendula wathi, "Oh, lina sizukulwane esingakholwayo, ngizahlala lani kuze kube nini na? Ngilibekezelele kuze kube nini? Mletheni kimi umfana."

20 Basebemletha kuye. Umoya wonela ukumbona uJesu wamlahla phansi umfana wazigiqagiqa ekhihliza amagwebu ngomlomo.

21 UJesu wabuza uyise womfana wathi, "Sekulesikhathi esingakanani enje umfana?"

Wathi, "Kusukela ebuntwaneni. 22 Kuhlezi kumphosela emlilweni loba emanzini kufuna ukumbulala. Kodwa nxa kukhona ongakwenza ake usihawukele usisize."

23 UJesu wathi, "Uthi engingakwenza?Yonke into iyeneliseka kulowo okholwayo."

24 Masinyane uyise womfana wamemeza wathi, "Ngiyakholwa; ake ungisize ngehlule ukungakholwa kwami!"

25 UJesu esebona ukuthi ixuku laligijimela kuye wawukhuza umoya omubi wathi, "Wena moya oyisacuthe lesimungulu, ngiyakulaya mina, ngithi phuma kuye ungaphindi ungene kuye futhi."

26 Umoya waklabalala, wamgiqa phansi umfana, waphuma emva kokumhlukuluza okukhulu. Umfana wathi daca, waba njengesidumbu, abanengi bathi, "Usefile." 27 Kodwa uJesu wambamba ngesandla wamdonsa wamisa ngezinyawo wema.

Veja também