Ukholo Lowesifazane WaseKhenani
21 Esuka kuleyondawo uJesu waya emangweni waseThire leSidoni. 22 Umfazi ongumKhenani wakuleyondawo weza kuye ezokhala esithi, "Nkosi, Ndodana kaDavida, ake ungihawukele! Indodakazi yami ithwele nzima, ihlutshwa ngamadimoni."
23 UJesu kazange amphendule. Ngakho abafundi bakhe beza kuye bamkhuthaza bathi, "Mxotshe, nangu uselokhu ememeza esilandela."
24 Waphendula wathi, "Ngathunywa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zako-Israyeli."
25 Owesifazane lowo weza waguqa phambi kwakhe wathi, "Nkosi, ake ungisize."
26 Waphendula uJesu wathi, "Kakulunganga ukuthatha isinkwa sabantwana usiphosele izinja."
27 Owesifazane wathi, "Yebo Nkosi, angithi izinja ziyayidla imvuthu eziwa etafuleni yabaninizo."
28 UJesu wasephendula wathi, "Nkosazana, ulokukholwa okukhulu! Isicelo sakho sesamukelwe." Indodakazi yakhe yahle yasila ngalesosikhathi.